Kuzo zombili izimpilo zethu ezingokwenyama nezingokomoya, kuhlezi kunezilingo nezithiyo eziningi. Esikhathini esidlule, lapho ama-Israyeli ebhekana nezilingo ezinkulu—ihlane elingenamanzi nokudla kanye nendawo yaseKhanani ehlala imidondoshiya, uJoshuwa noKalebi babeka ithemba labo kuNkulunkulu kuphela. Njengabo, sidinga ukholo ukuze sibone umnyango wethemba uNkulunkulu asivulele wona phakathi kobunzima.
Njengoba nje ngokuvuka nokukhuphuka kukaJesu, uNkulunkulu wavula umnyango wethemba embusweni wezulu kwabangcwele bebandla lokuqala ababephelelwe ithemba ngokubethelwa kukaJesu esiphambanweni, futhi njengoba uJesu akhombisa uPetru, owayengabambanga lutho ubusuku bonke, isimangaliso okwenzekayo lapho senza ngokwezwi lakhe, nanamuhla, amazwi kaKhristu Ahnsahnghong, “Ivangeli lizoshunyayelwa emhlabeni wonke,” azogcwaliseka nakanjani.
“Jehova, ngazise ukuphela kwami, nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini; mangazi ukuthi ngingodlulayo... “Kalokhu-ke, Nkosi, ngilindele ntoni na? Ithemba lami likuwe. AmaHubo 39:4–7
Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela. NgokukaMathewu 24:13–14
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha