Uma sibheka ukukhanya, kuvela ithunzi
emva kwethu, kodwa uma sifulathela
ukukhanya, ithunzi livimba indlela yethu.
Ngendlela efanayo, uma abantu beya kuNkulunkulu ongukukhanya, ubumnyama abusoze bubavimbe.
NjengoJeremiya enkathini kaYise, nabaphostoli ngenkathi yeNdodana, uma sethula ukukhanya kwenkazimulo kaNkulunkulu, singase sibhekane nokushushiswa nezithiyo.
Kepha, ekugcineni sizothola izibusiso eziningi.
U-Izaya, uJeremiya, noHezekeli bethula ukukhanya kukaNkulunkulu uJehova enkathini kaYise, ebese abaphostoli uPawulu, uPhethro, noJohane bethula ukukhanya kwenkazimulo kaJesu enkathini yeNdodana.
Ngokunjalo, enkathini kaMoya oNgcwele, amalungu eBandla likaNkulunkulu emazweni ayi-175 emhlabeni jikelele aletha ukukhanya kwenkazimulo kukaKhristu Ahnsahnghong kanye nokukaJerusalema uMama waseZulwini, abafike njengabasindisi.
“Vuka ukhanye,
ngokuba ukukhanya kwakho kufikile;
nenkazimulo kaSimakade
iphumele phezu kwakho.
Ngokuba ubumnyama buyakusibekela umhlaba,
nesigayegaye abantu,kodwa uSimakade uyakuphuma
phezu kwakho,nenkazimulo yakhe iyobonakala phezu kwakho.
Izizwe ziyokuza namakhosi ekukhazimuleni
kokuphuma kwakho.”
U-Izaya 60:1–3
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha