UNkulunkulu wamisa usuku uMose ehla ngalo neqoqo lesibili leMiyalo Eyishumi
njengoSuku Lokubuyisana, futhi uMkhosi Wamadokodo kwakungumkhosi lapho
ama-Israyeli akha ithabanakeli ukuze abeke izibhebhe zamatshe zeMiyalo Eyishumi.
Njengoba kubonakala eminyakeni eyizi-3,500 edlule, isici esibaluleke kakhulu sokwakha ithempeli likaNkulunkulu ukuba nenhliziyo eyaba netshisekelo yokuhlanganyela futhi izimisele ukubamba iqhaza.
Abantu abanjalo banikela ngenqwaba yezinto zokwakha ithempeli.
Namuhla, umhlaba wonke uthutheleka kuKhristu u-Ahnsahnghong nakuMama waseZulwini iJerusalema ngoba abantu bakaNkulunkulu babonakaliswa njengezinto ezihlukahlukene ezakha iThempeli iJerusalema.
Kukhona isiphrofetho sokuthi, njengoba amagatsha ahlukahlukene abuthelwa uMkhosi Wamadokodo
eThestamente Elidala, abantu bakaNkulunkulu bayobuthana njengezinhlobo ezahlukene zezihlahla eJerusalema.
Bafika bonke labo ababenezinhliziyo ezithintekileyo, benentshisekelo emoyeni wabo.
Baletha kuSimakade umnikelo owawuzosetshenziswa ethendeni lokuhlangana,
nakuyo yonke eminye imisebenzi yalo, nokuthunga izingubo ezingcwele.
Beza abesilisa nabesifazane, bonke ababenezinhliziyo ezazinentshisekelo, . . .
I-Eksodusi 35:21–22
[N]akhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaphrofethi,
uKhristu uJesu uqobo eyitshe legumbi,
okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke,
sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini,
okukuyo nani, nakhiwe ukuba
nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.
Kwabase-Efesu 2:20–22
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha