UBaba u-Ahnsahnghong usifundise ukuthi kunoMndeni waseZulwini embusweni wezulu, wasiphaphamisa eqinisweni lokuthi sinoNkulunkulu uMama nabafowethu nodadewethu basezulwini.
Ubuye wasiyala ukuba “sithandane” njengoba naye esithanda.
Njengoba uNkulunkulu wasithanda kwaze kwaba sezingeni lokubekezelela ukufa esiphambanweni, singagcwalisa umthetho ongaphakathi kithi ngokwelula lolo thando olufanayo emhlabeni.
Amalungu eBandla likaNkulunkulu abeka kuqala ukuphila ngomyalo othi “Thandanani,” ehlose ukuba wonke umuntu, hhayi bona kuphela, bathole ukuthethelelwa kwezono, bazuze insindiso, futhi bangene embusweni wezulu.
“Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani-ke thandanani.
Ngalokho bonke abantu bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami uma nithandana.”
NgokukaJohane 13:34–35
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha