Nakuba uNkulunkulu evule indlela yokuba ivangeli lisabalale ngentuthuko kwisayensi nobuchwepheshe, ezokuthutha, ne-inthanethi, kumele sisheshe sisakaze emhlabeni wonke ulwazi lwesivumelwano esisha neqiniso likaKhristu u-Ahnsahnghong noNkulunkulu uMama.
Nakuba uMphostoli uPawula abopha futhi eshushisa abangcwele, wakwenza lokho ngaphambi kokuba azi iqiniso ngoJesu Khristu. Ngendlela efanayo, kumele sifundise ulwazi lweqiniso lukaNkulunkulu kulabo abangalazi iBandla likaNkulunkulu, iSabatha kanye nePhasika, kodwa bekuphikisa. Ngokwenza kanjalo, singabaholela ekutholeni isibusiso sensindiso, esijabulisa kakhulu uNkulunkulu.
Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. Okholwayo abhabhadiswe uyakusindiswa, kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.” NgokukaMakhu 16:15–16
UNkulunkulu uMsindisi wethu, othanda ukuba bonke abantu basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso. 1 KuThimothewu 2:3–4
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha