Usuku Lokubuyisana wusuku olukhulu lapho zonke izono zabantu kanye nabapristi zithethelelwa. Ama-Israyeli akhohlwa ngomusa kaNkulunkulu futhi ona ngokukhonza isithombe, ithole legolide. Yingakho uMose saphula iqoqo lokuqala lemithetho eyishumi elanikezwa nguNkulunkulu. Ama-Israyeli aphenduka ezonweni zawo, uNkulunkulu wabe esewanika iqoqo lesibili lemithetho eyishumi; lolu suku lwaba umsuka woSuku Lokubuyisana.
ETestamenteni Elidala, zonke izono zika-Israyeli zazidluliswa okwesikhashana endaweni engcwele kuze kube wuSuku Lokubuyisana. Namuhla, zonke izono zethu zidluliselwa kuKristu Ahnsahnghong kanye nakuNkulunkulu uMama, abayiqiniso lendawo engcwele. Khona-ke, ngoSuku Lokubuyisana, zonke izono zethu zidluliselwa kuSathane, ongumsunguli wesono. Ekugcineni, uSathane uyokwahlulelwa kwalasha, okungukuthi, esihogweni, futhi ngaleso sikhathi, zonke izono zizoshabalala ekugcineni.
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Kepha ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa kulusuku lokubuyisana; anoba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.”
ULevitikusi 23:26-27
Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.”
NgokukaJohane 1:29
NoSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga; ziyakuhlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.
IsAmbulo 20:10
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha