Ama-Israyeli angena oLwandle Olubomvu ayemele ukungena kukaJesu ethuneni, nokuphuma kwama-Israyeli oLwandle Olubomvu kwakuyisiphrofetho sokuvuka kukaJesu.
UNkulunkulu wasungula uSuku Lolibo kwiThestamente Elidala ukuze singawukhohlwa lo msebenzi.
Njengoba nje uSuku Lolibo lwalugcinwa ngeSonto lokuqala emva kwePhasika kanye noMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo kwiThestamente Elidala, ukuvuka kukaJesu, okuwulibo lwalabo ababelele, nakho kwenzeka ngeSonto.
Ngenxa yalokho, abangcwele beBandla lokuqala babegcina inkolelo yokuthi ngisho noma befa, bayophila futhi, futhi babehlezi bethola injabulo ngokushumayela izindaba zensindiso, bemi ngasohlangothini lukaNkulunkulu.
Kodwa manje uKhristu uvusiwe kwabafileyo,
uwulibo lwabaleleyo.
1 KwabaseKhorinte 15:20
Isihenqo sethempeli sadabuka kabili; kusukela phezulu kuze kufike phansi.
Umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka,
kwavuleka amathuna, izidumbu eziningi zabangcwele ababelele, zavuswa;
baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe,
bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.
NgokukaMathewu 27:51–53
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha