Njengoba uNkulunkulu ethi labo abakholwa kuye bayomukela uMoya Ongcwele, abafisa ukuwamukela kumele bakholwe futhi balandele izimfundiso zikaNkulunkulu uJehova onyakeni kaBaba, zikaJesu Khristu onyakeni weNdodana, nezikaKhristu Ahnsahnghong noNkulunkulu uMama, abeza njengoMoya noMlobokazi, onyakeni kaMoya Ongcwele.
Labo abalalela izwi likaNkulunkulu yibona abakholwa kuNkulunkulu ngempela. Njengoba uNowa, u-Abrahama, uMose, uJoshuwa, noKalebi babusiswa ngokulalela izwi likaNkulunkulu, kanjalo nabantu bokholo abagcina usuku lweSabatha nePhasika—amazwi kaNkulunkulu—bazobusiswa namuhla.
OngokaNkulunkulu uzwa amazwi kaNkulunkulu; kungakho ningezwe nina, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.” NgokukaJohane 8:47
“UJehova uyakukumisa ube yisizwe esingcwele kuye njengokufunga kwakhe kuwe, uma uyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe. Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubiziwe ngegama likaJehova, bakwesabe. UDuteronomi 28:9–10
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha