Uma sikholelwa evangelini lesivumelwano esisha, siwuqonda kahle umthetho kaNkulunkulu, futhi siwugcina, singathola ukuphila okuphakade, sibe ubuphristi bobukhosi, futhi sizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.
Ngaphezu kwalokho, umthetho kaNkulunkulu uzosiholela kuKhristu u-Ahnsahnghong neJerusalema Elisha uMama waseZulwini, osiholela ensindisweni yaphakade.
Abaphrofethi, kuhlanganise no-Izaya, basitshela ukuthi inkolelo ethi “Asikho isidingo sokuba sigcine umthetho kaNkulunkulu” yagcina iholele ezinhlekeleleni eziningi emhlabeni.
Labo abagcina umthetho kaNkulunkulu njengoba unqunyiwe bayothola intokozo, injabulo, nokuthula, kanti labo abenqaba umthetho kaNkulunkulu bayohlangabezana nezinhlekelele neziqalekiso njengesithelo semicabango yabo.
Ngalokho zwanini nina zizwe,
wazi wena bandla ukuthi kuzokwenzakalani kubo.
Yizwa wena mhlaba, bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwalaba bantu,
isithelo samacebo abo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami,
nomthetho wami bawulahlile.
UJeremiya 6:18–19
[B]ese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu,
ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo,
iselangabini lomlilo, ukuba ijezise labo abangamaziyo uNkulunkulu
nabangalilaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.
2 KwabaseThesalonikha 1:7–8
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha