Umthetho wensimu yase-Edene, umthetho wesivumelwano esidala, nomthetho wesivumelwano esisha owasungulwa nguJesu konke kwamiswa nguNkulunkulu u-Elohim ukuze anikeze inkazimulo nenjabulo ekhazimulayo kubantu esikhathini esizayo.
Namuhla, uNkulunkulu usifundisa ngabaphrofethi abaningi, kuhlanganise nomphrofethi uDaniyeli, ukuthi ukuchezuka emiyalweni nemithetho kaNkulunkulu kuthathwa njengokungabi namthetho, ububi, nokuhlubuka.
Amalungu eBandla likaNkulunkulu aqopha ezinhliziyweni zawo izimfundiso zikaKhristu u-Ahnsahnghong noNkulunkulu uMama, ababayalile ukuba bangayishayi indiva imfundiso kaNkulunkulu ngisho nakancane kodwa benze ngokweBhayibheli.
Njengoba uJesu asungula umthetho wesivumelwano esisha, waze wabeka nesibonelo sokuwugcina, agcina imikhosi eyisikhombisa ngezikhathi ezintathu, okuhlanganisa iSabatha nePhasika.
Iyakukhuluma amazwi amelene noPhezukonke, . . . icabange ukuguqula izikhathi ezimisiweyo nomthetho. . . .
“ ‘Kepha abehluleli bayakuhlala, bakususe ukubusa kwayo kuqedwe kuphele nya kuze kube phakade.
Umbuso, ukubusa, nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke. Umbuso wakhe kuyakuba ngumbuso ongunaphakade; . . .’ ”
UDaniyeli 7:25–27
Noma ngimlobele okuningi komthetho wami, kodwa lokho bakubona njengento abayeshwamayo.
UHoziya 8:12
119 e-Bundang P.O. Box, Bungang-gu, Seongnam-si Gyeonggi-do, Rep.Yase Korea
Ucingo 031-738-5999 Isikhahlamezi 031-738-5998
Igatsha Eliphethe : 50, Sunae-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep. of Korea
Isonto Elikhulu: 35, Pangyoyeok-ro, Bundang-gu, Seongnam-si, Gyeonggi-do, Rep of Korea.
Wonke Amalungelo Aqukethwe. Yi-World Mission Society Church of God Inqubomgomo Yokuphepha